IMeya kaMasipala wakwaMaphumulo, uCllr Siboniso Nyatikazi uvakashe ngokukhethekile njengoba usomabhizinisi wendawo ezonikela emphakathini ngoLwesibili, zingu-21 kuZibandlela ka-2021 ehholo lomphakathi kwaMaqumbi kuWadi 4.
Njengengxenye yokugubha usuku lwakhe lokuzalwa, uMnu Terrence Yegwa ongusomabhizinisi ophumelele ongowokudabuka endaweni yakwaMaqumbi, ugubhe usuku lwakhe lokuzalwa ngokupha imindeni engu-35 eholwa abantu abadala, imindeni ephethwe izingane kanye nemindeni engecoshi entweni.
UMnu Yengwa uzophinde asize intsha engu-35 yakule ndawo ngosizo lwezincwadi zokushayela ukuze ahlomise intsha ngesitebhisi esibheke empumelelweni yayo. UMnu Yengwa uzophinde anikele ngezicathulo zesikole ezingu-35 ezikoleni ezimbili (2) zasendaweni.
“Isizathu salo mkhankaso yingoba ngikhulele lapha KwaMaqumbi, ngibona kufanele ukuthi ngibuyisele endaweni yangakithi ngoba yinto elungile. Nginethemba lokuthi nabanye osomabhizinisi abamnyama bayakubona lokhu njengento ekhuthazayo ngoba ngokubuyisela emiphakathini yethu siyayithuthukisa futhi siyinika ithemba lokuthi nabo ngelinye ilanga bayophumelela empilweni.” kusho uMnu Yengwa.
IMeya uSiboniso Nyathikazi ilithokozelile lolu hlelo yaphinde yakhuthaza uMnu Yengwa ukuthi aqhubeke nokukhula nokubuyisela emphakathini. “Kuyangijabulisa ukubona osomabhizinisi abagqugquzelekile emphakathini wethu bethatha igxathu lokubuyela kubantu nokukhumbula la abaqhamuka khona. Sithemba ukubona osomabhizinisi abaningi emphakathini wethu bebuyisela futhi bephakamisa abantu emphakathini.” Kusho iMeya uNyatikazi.
Abanye bosaziwayo abebehambele lo mcimbi beku Xolani Mpungose oyi skhulumi esikhuthazayo kanye no Lungsani Mavundla ongu mbhali aphinde abe umhlaziyi kumsakazo Ukhozi FM.
Umasipala wakwaMaphumulo uzibophezele ekwakheni ubudlelwano obuqinile nezinhlaka zawo kanye nosomabhizinisi ekwakheni umphakathi ongcono
Iyaphela.