Umasipala wakwaMaphumulo uholwa iMeya uKhansela Siboniso Nyatikazi ubambe umhlangano wokuqeqeshwa koMkhandlu omusha ngoLwesibili mhlaka 7 kuZibandlela ku-2021 eCouncil Chambers kwaMasipala.
Leli thimba lamakhansela elizohlinzeka umphakathi wakwaMaphumulo ngentuthuko elakhiwe ngamakhansela amawadi angu-12 kanye namaKhansela ePR angu-11, lihambele lomhlangano ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi amakhansela anikwa ulwazi ngokuqonda kweqhaza lawo lobuholi, umthetho osebenza kuhulumeni wasekhaya, izinqubo ezibalulekile zomasipala kanye nohulumeni, nokulethwa kwezinsiza.
Lolu hlelo luphinde luhlinzeka umkhandlu omusha ngolwazi olubalulekile lokuqondisisa mayelana nesimo sezimali zikamasipala, ukuhlinzekwa kwezidingongqangi kanye nemiklamo emikhulu, nezindaba ezibalulekile okufanele zidingidwe.
Lo mhlangano uyithuluzi eliwumhlahlandlela wokusiza amakhansela ukuthi akwazi ukwenza imisebenzi yawo ngempumelelo, ehlonipha izimiso ze-Batho Pele wokubeka Abantu Kuqala
Iyaphela.