IMeya kaMasipala wakwaMaphumulo uKhansela Siboniso Nyatikazi ehambisana noSekela Meya u Sinenhlanhla Chili kanye nama Khansela bahlangane nabahlonziwe kuhlelo lwe-Driver License Learnership lonyaka ka-2022 ngoLwesibili, mhla zingu-1 kuNhlolanja ka-2022 ehholo ledolobha elidala lakwaMaphumulo.
Lolu hlelo luzonikeza intsha engu-84 engasebenzi ehlala kwaMaphumulo ithuba lokuthola izincwadi zokushayela njengoba lokhu kuzosiza intsha yethu okutholeni imisebenzini njengoba izincwadi zokushayela zingenye zezidingo uma uhamba indlela yokuqashwa. Lolu hlelo luzobhekelela intsha engenazo izincwadi zokufundela ukushayela kanye nalabo asebenazo ukuze bethole izincwadi zokushayela.
Imeya uSiboniso Nyatikazi uhalalisele bonke abantu abasha abaqokelwe ukuthola ithuba lohlelo lokufunda.
“Leli thuba libalulekile kubahlali abahlala emiphakathini ebhekene nezinkinga zomnotho. Ukuba nezincwadi zokushayela kungenza umehluko ekutholeni umsebenzi futhi kungasisiza ekwehliseni izinga lokuntuleka kwemisebenzi emphakathini wethu. Lokhu kuzophinde kube neqhaza elikhulu ekuphepheni komphakathi wethu ngoba singaba nabantu abakwazi ukushayela emiphakathini yethu kodwa iningi labo lishayela ngokungemthetho, bengenazo izincwadi zokushayela. Njengoba ukuphepha kwendawo yethu yakwaMaphumulo bekuhlezi kuseqhulwini futhi ukuphepha emigwaqeni kuyingxenye yalokho.” Kusho iMeya uNyatikazi.
Umasipala wakwaMaphumulo usaqhubeka nokuzibophezela ekuthuthukiseni intsha yendawo yakwaMaphumulo.
Iyaphela.