Umhlangano Wethimba Elibhekele Izinhlekelele Kumasipala WakwaMaphumulo
25 March 2026Namuhla umkhandlu kaMasipala wakwaMaphumulo uholwa uMeya Zibuyisile Khuzwayo-Dlamini, amaKhansela kanye nezikhulu zikaMaspala babambe umhlangano osemqoka walomkhandlu nalapho bekuzothulwa ngenhloso yokuvumelana ngo hlaka lwesabelo Mali saloMasipala sika2026/27 njengoba kulungiselelwa izimbizo zika Mayor ezizoba sema Wadini onke akwa Maphumulo lapho sizobe sethulwa khona lesabelo mali.
Lokhu kuphasiswa nokwamukelwe ko hlaka lwalesi sabelo Mali kwenzeka ngokulandela Section 28 wesigaba (6) womthetho wokulawulwa kwezimali zikaMaspala (MFMA).
Ethula lesabelomali uMeya Khuzwayo-Dlamini ubalule ukuba isabelomali siwumgogodla wokusebenza komkhandlu nokuphinde kulekelela ekuhambiseni izidingo ezimqoka emphakathini.

IZIHLOKO EZIJWAYELEKILE :
- Umbiko kaMcwaningi mabhuku ngomsebenzi osuwenziwe ngokuthola Umbiko ongenagcobho.
- Umbiko ngosekwenziwe ekuthuthukisweni kweDolobha
IZIHLOKO EZILETHWE NGENHLOSO YOKUSEKWA UMKHANDLU :
- Ukwamukelwa kwesabelo esibuyekeziwe ezinhlelweni zentuthuko kunyaka Mali ka2025/26.
- Ukwamukelwa Kombiko Wokusebenza Komkhandlu Wonyaka ka2024/2025.
- Ukwesekwa Kombiko wentuthuko edidiyelwe Ka 2024/25 ohlongoziwe.
- Ukubuyekezwa Kwemigomo Elawula Ukusebenza kwe Bhodi Lokuqondiswa Kwezigwege Lomkhandlu.
- Umbiko wakwa Public Participation noku sebenza kwa ward committees nokubizwa kwemihlangano yomphakathi ku Quarter 2(Oct- Dec).
- Indlela yokusebenza eqhubekayo
Issued by Maphumulo Municipality Communication unit.