Izwe lase Ningizimu Afrika elinesibalo esiphezulu se-HIV/AIDS phakathi kwabesifazane abasebasha namantombazane. UMaspala wakwaMaphumulo ujoyina abesifazane baseNingizimu Afrika abaphethe impi yokulwa nalolu bhubhane mhla ubambe umkhanso i-SHE CONQUERS ngomhla zingu-22 kuNhlolanja ka-2022 eHholo lomkhlandlu.
Abesifazane ezweni lonke manje sebenegama lomkhankaso kazwelonke wokuvimbela i-HIV wamantombazane nabesifazane abasebasha owethulwe uMongameli wezwe uCyril Ramaphosa ngonyaka ka2016 olubizwa ngokuthi “SHE CONQUERS”
Igama elithi, “She Conquers”, eligqugquzelwa abesifazane ababhekana nezinselele usuku nosuku futhi abalwela ukuzinqoba. Lomkhankaso weminyaka ogxile ekuthelelekeni nge-HIV, ukukhulelwa, ukuyeka isikole, udlame olubhekiswe kubulili, ukuntuleka kwemisebenzi kanye nokushoda kwamathuba ezomnotho phakathi kwamantombazane nabesifazane abasebasha.
Ethula inkulumo yakhe yokwamukela abebe hambele lomkhankaso uKhansela Nomzamo Ngidi uzwakalisa injabulo yakhe, “Kusemqoka kakhulu kuhulumeni wethu ukuthi wonke umuntu wesifazane osemusha eNingizimu Afrika akwazi ukuthola izinsiza nolwazi ukuze aphile impilo encono, futhi eyimpumelelo. Singu Maspala wakwaMaphumulo sisekela ngokuphelele izinhlelo ezifana ne-She Conquers ezihlose ukuthuthukisa amantombazane ethu asemancane.” Kusho uKhansela uNgidi.
Umkhandlu wakwaMaphumulo uyaqhubeka nokuzibophezela ukuthuthukisa abantu besifazane futhi unethemba ukuthi lomkhankaso uzokhuphula izinga lokuqwashisa emantombazaneni futhi uwafundise ngokubaluleka kokuphikelela noma ukuxoxisana ngocansi oluvikelekile.
Iyaphela.