Umasipala wakwaMaphumulo oholwa yiMeya, uKhansela Siboniso Nyatikazi ubambe ngempumelelo umdlalo wamanqamu weMayoral Cup ngoMgqibelo mhla zingu-11 kuNhlangulana ka-2022 eSabuyaze Sports Ground.
Lo mcimbi waminyaka yonke weMayoral Cup kuhloswe ngawo ukuheha abadlali bebhola lezinyawo kanye nelomnqakiswano abasebancane abavela kuzo zonke izindawo ezakhele uMasipala wakwaMaphumulo abazifela ngezemidlalo, ukuze basize ekwakheni izitshalo ezintsha zabadlali bebhola lezinyawo kanye ne-netball kanye nokuhlonza ithalente elisha elizosiza ukuvuselela amandla ezemidlalo kwaMaphumulo.
Le midlalo bekuhloswe ngayo ukuthuthukisa ubudlelwano phakathi koMkhandlu nentsha, kanye nokuqinisekisa ukuthuthuka okuqhubekayo kwezemidlalo.