Maphumulo Mayoral Cup Finals 2022
11 June 2022i-SANTACO inikela ngemifaniswano yesikole
16 March 2023UMEYA USHAYELE IHLOMBE i-SANTACO KWISFUNDA ILEMBE NGOKUNIKELA NGOMFANEKISWANE WESKOLE KUBAFUNDI
IMeya kaMasipala wakwaMaphumulo, uMhlonishwa uKhansela uZibuyisile Khuzwayo-Dlamini useshayele ihlombe i-South African National Taxi Council (SANTACO) esifundeni ILembe ngohlelo lokunikela ngemifaniswano yesikole kubafundi abaswele esifundeni.
Lomcimbi wokunikela kubafundi ngemifaniswano ubungo Lwesibili mhlaka 7 kuNdasa ka-2023 eHholo leDolobha lakwaMaphumulo.
Lo mcimbi bekuhloswe ngawo ukuqinisekisa ukuthi abafundi bahlonyiswe ngemifaniswano wesikole, okuyisidingo esiyisisekelo esizobavumela ukuthi bafunde ngesizotha futhi bazizwe bekhuthazekile ohambweni lwabo lokufunda.
Ekhuluma kulo mcimbi uMhlonishwa iMeya uZibuyisile Khuzwayo-Dlamini ulushayele ihlombe lolu hlelo.
Imboni yamatekisi ibambe iqhaza elikhulu kuhulumeni futhi ukusebenza kahle ne-SANTACO kulethe ukuthula nozinzo kule mboni ebaluleke kangaka, kodwa le nhlangano manje ithatha elinye igxathu ukuze ibambe iqhaza elibalulekile kwezemfundo nokuqhuqhuzela abafundi abayi kusaa lethu.
Uhulumeni akahlezi ekwazi ukuba esimeni sokuvala wonke amagebe, ngakho-ke siyazamukela izinhlangano ezizimisele ukwakha ikusasa lezwe lethu ngokutshala ezinganeni zethu. Ngomoya weNkululeko yethu neNtando yeningi, sinxusa ukuthi bonke abantu baseNingizimu Afrika abangakwazi babambe iqhaza ekwakheni ikusasa elingcono.” Kusho iMeya uKhuzwayo-Dlamini.
Iyaphela