Mayor Turns the Sod for Key Projects
18 January 2024
Injabulo Kuvulwa Kabusha Umgwaqo uR74 KwaMaphumulo
24 May 2024Namuhla uMasipala wakwaMaphumulo uholwa uMhlonishwa Zibuyisile Khuzwayo-Dlamini kanye nezikhulu zoMkhandlu babambe umhlangano nabadayisi abazimele edolobheni lakwaMaphumulo ngenhloso yokuthola izisombululo ngendlela yokusebenzisana.
Lomhlangano nobubanjelwe eHholo ledolobha ubuhlose ukuzodingida kabanzi mayelana nezindawo zokusebenza zalaba bahwebi kanye nendlela yokukhokhelana, okungabalwa intela, izimvume zokuhweba kanye noGesi.

Ekhuluma kulomhlangano uMeya Khuzwayo-Dlamini unxuse ukuthi kube khona ukusebenzisana okuhle phakathi kwabahwebi kanye noMasipala.
"Sizoqhubeka sibe nemihlangano efuze le ukuze sithole indlela eyaphambili yokusebenzisana njengoba sazi nje ukuba uMkhandlu wethu uthembele kakhulu kwiMpesheni kaHulumeni ukuze usebenze. Siyafisa futhi ezintweni esizihlelayo ukuthi siqhubeke nokusebenzisana kahle," kubeka uMeya Khuzwayo-Dlamini.