
Impelasonto Yokubhalisela Ukuvota
16 September 2021
UMasipala Ubambe Umhlangano Wokuqeqesha Amakhansela
7 December 2021IPhini leMeya kaMasipala wakwaMaphumulo, uCllr Zama Ncalane-Mhlongo ehambisana no Cllr Sbusiso Zulu kanye nekomidi lakwa-Youth & Sports bahalalisela abantu abasha abathole amalayisense abo okushayela ngoLwesithathu, mhlaka-8 kuMandulo 2021 eMkhandlwini kwaMaphumulo.
Intsha engu-55 evela endaweni yonke yakwaMaphumulo ithole uxhaso kuMasipala ukuze ithole izincwadi zokushayela. Lolu hlelo lwezincwadi zokushayela, okuyisinyathelo esenziwe yikomidi lephothifoliyo lweYouth & Sport, kuhloswe ngalo ukwenza ngcono izimpilo zentsha entulayo evela kwaMaphumulo ukuyisiza ngezidingo ezizovula imnyango kumathuba emisebenzi.
Lolu hlelo, olwaqalwa ngonyaka ka-2017, selusize abantu abasha abangaphezu kwekhulu (100), olwaqala ngabantu abasha abangu-22 kuphela kodwa manje selukhuphuke lwaba yintsha engu-55 ngonyaka odlule. IPhini leMeya uZama Ncalane-Mhlongo uhalalisele intsha esanda kuhlolwa yaphasa.
“Nakuwo lonyaka kuyintokozo ukuhalalisela laba bantu abasha ngempumelelo yokuthola izincwadi zabo zokushayela ezivela kulo loluhlelo. Siyajabula ukubona ukuthi iningi labahlomulile ngabesifazane, njengoba sazi ukuthi abesifazane bebe cindezelekile eminyakeni edlule. Lesi yisibonelo esivelele sokuzibophezela kwethu ukuletha izinsiza nokufukula abantu abasha kwaMaphumulo, futhi sizimisele ngokuqhubeka nemizamo yethu yokufukula abantu abasha endaweni yethu yakwaMaphumulo.
Loluhlelo luletha ithemba kubantu abasha, njengoba iningi labo lingasebenzi. Sesiqalile ukubona isivuno esihle kulolu hlelo futhi ngifisa ukuhalalisela abantu abasha ngokubamba leli thuba ngezandla zombili nokuthola amalayisense okushayela, impumelelo yabo kufanele isebenze njengomthombo wokukhuthazo abanye abantu abasha. Ngyafisa futhi nokubaxwayisa ukuthi balalele imithetho yomgwaqo. ” Kusho iPhini leMeya uNcalane-Mhlongo.
UMasipala waseMaphumulo uyaqhubeka nokuzibophezela ekuthuthukiseni intsha.




