UMasipala Ubambe Umhlangano Nabahwebi KwaMaphumulo
25 April 2024uNgqongqoshe WezokuThutha esiFundazweni uMhlonishwa Sipho Hlomuka ehambisana noMeya wakwaMaphumulo uMhlonishwa uKhansela Zibiyisile Khuzwayo-Dlamini, amaKhansela kanye neziKhulu zoMnyango babe yingxenye yokuvulwa kabusha komgwaqo uR74 nowakhahlamezeka ngenxa yezikhukhula.
Injabulo ibibhalwe ebusweni kwebebethamele lomcimbi njengoba izinhlaka ezahlukeni okubalwa imboni yamatekisi, ubuholi bendabuko kanye nomphakathi wonkana bethakasela ukuvuleleka kwalomgwaqo obukade ulungiswa.

Ekhuluma kulombuthano uMeya Khuzwayo-Dlamini uzwakalisa injabulo njengoba sekuzokwehla umthamu wezimoto emngwaqweni ongenelela edolobheni.
“Sibonga umsebenzi owenziwe uMnyango oholwa uNgqongqoshe uHlomuka kanye nalabo abanikezwe umsebenzi wokuqinisekisa ukuba lomgwaqo uyalungiswa ngokufanele.
Njengoba sazike ukuthi uR74 ungezinye zezindlela ezisetshenziswayo ukufinyelela ezifundazweni ezinjengase Gauteng nophinde usetshenziswe kakhulu imboni yamatekisi. Siyathembisake ukuthi sizokugada ukuba abantu basendaweni yakithi bawusebenzisa ngendlela njengoba siqhubeka nokulungisa inqalasizinda kwaMaphumulo,” Kubeka uKhuzwayo-Dlamini.
Ephawula uNgqongoshe uHlomuka uncome kakhulu ukusebenza ngokuzimisela kuka sonkontileka kanye nezinye izinhlaka ezithintayo naphinde wathi lokhu kuzowehlisa isiminyaminya sezimoto emgwaqweni wakulendawo.