
Umcimbi Wokuhlonipha Abasebenzi BakaMasipala Asebesebenze Isikhathi Eside
4 June 2026UMasipala wakwa Maphumulo ngokuyalelwa abakwa South African Weather Service uxwayisa wonke umphakathi owakhele umasipala wakwa Maphumulo ngesimo sezulu okubikwa ukuthi singahle sibekhona ezinxenyeni zesifundazwe sakwaZulu Natal.
Niyanxuswa ukuba niqaphele futhi niphephe njengoba isimo sezulu esingesihle sigcina senza umonakalo. Lesisimo kungase silindeleke namuhlanje phakathi kuka 10 ekuseni kuya ekujuleni kobusuku. Siqaphela ukuthi nogesi kungenzeka uphazamiseke kwezinye izindawo uma kugcina senzekile lesixwayiso.





